Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Lapho uSimakade eqala ukukhuluma ngoHoziya, wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bokuphingwa, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 1:2
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kepha uhambe ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, wenza uJuda nabakhileyo eJerusalema ukuba baphinge njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, futhi wabulala abafowenu bendlu kayihlo abahle kunawe,


Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.


Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha; uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.


“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigubhele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


“Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcolile, angilandelanga oBali,’ na? Bheka indlela yakho esigodini, wazi ukuthi wenzeni: uyikamela lensikazi elinejubane, elizulazula ezindleleni zalo,


nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.


Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.


Uyakulandela izithandwa zakhe, kepha akayikuzifica; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’


UJehova wathi kimi: “Hamba futhi, umthande owesifazane othandwa ngumngane wakhe, eyisiphingikazi, njengalokhu uJehova ethanda abantwana bakwa-Israyeli, noma bephendukela kwabanye onkulunkulu, bethanda izigaxa zezithelo zomvini ezomileyo.”


Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile.


Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.


benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,


nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi: IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka