Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo.
U-Esteri inkosikazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.
Khona-ke u-Esteri indlovukazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda baloba ngamandla onke ukuze baqinise le ncwadi yesibili yePurimi.
Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.
Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.
Lezo zincwadi bazibhala egameni lenkosi u-Ahasheveroshi; uMoridekhayi wazifaka isisicilelo sasebukhosini. Zathunyelwa ngezigijimi ezazigibele amahhashi anejubane, ayekhuliswe esitebeleni sasebukhosini.
UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze.
Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.
Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.