Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:21 - IsiZulu 2020

21 Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 ukukumisa phakathi kwabo, ukuthi bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nolweshumi nanhlanu lwayo minyaka yonke;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:21
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zaqeda ukukwakha indlu ngosuku lwesithathu lwenyanga u-Adari, ngonyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.


Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.


Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo.


Kepha abaJuda ababehlala eShushani bahlangana ngomhla zili-13, nangomhla zili-14, baphumula mhla zili-15, lolo suku balwenza usuku lwedili nentokozo.


UMoridekhayi waloba zonke lezo zinto phansi. Wababhalela izincwadi bonke abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, ezikude neziseduze.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


abaJuda bakwenza kwaba ngumthetho wabo, nezizukulwane zabo, nanoma ngubani osephenduke umJuda, ukuthi ngesikhathi esifaneleyo ngonyaka lezo zinsuku ezimbili zigcinwe njengokusho komyalelo kaMoridekhayi, kungaphuthi.


Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka