Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 U-Esteri inkosikazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

29 Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Khona-ke u-Esteri indlovukazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda baloba ngamandla onke ukuze baqinise le ncwadi yesibili yePurimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:29
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.


Izigijimi zashesha zahamba ngezwi lenkosi. Umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi; inkosi noHamani bahlala phansi, baphuza, kepha umuzi waseShushani wakhungatheka.


Waloba egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, wakunamathelisa ngendandatho yenkosi, wazithuma izincwadi ngesandla sezigijimi zamahhashi, zigibela amahhashi anejubane, amahhashi enkosi akhethekileyo,


UMoridekayi waziloba lezo zindaba, wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ababe sezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, abaseduze nabakude,


ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke


zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka