Inkosi yathi kuye: “Kwenzenjani, ndlovukazi Esteri na? Ukhala ngani? Noma yini oyicelayo, ngisho kungaba yingxenye yombuso, uyoyinikwa.”
Esteri 9:12 - IsiZulu 2020 yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yayisithi ku-Esteri inkosikazi: “AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.” Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yathi ku-Esteri indlovukazi: “AmaJuda abulala, achitha abantu abangamakhulu ayisihlanu esigodlweni sikaSusani kanye namadodana ayishumi kaHamani; benzani kwezinye izifunda zenkosi? manje siyini isicelo sakho? uyakunikwa; noma yisiphi isicelo sakho futhi? futhi kuyokwenzeka. |
Inkosi yathi kuye: “Kwenzenjani, ndlovukazi Esteri na? Ukhala ngani? Noma yini oyicelayo, ngisho kungaba yingxenye yombuso, uyoyinikwa.”
Besaphuza iwayini, inkosi yathi ku-Esteri: “Ucelani na? Uzoyenzelwa. Ukhala ngani? Ngisho ingxenye yombuso uyoyinikwa.”
Ngosuku lwesibili edilini, besaphuza iwayini, inkosi yambuza okwesibili u-Esteri, yathi: “Ndlovukazi, Esteri, siyini isicelo sakho na? Uzosenzelwa. Ufunani-ke? Uyakunikwa noma kungaba yingxenye yombuso.”
Ngalolo lusuku, umbiko ngenani lalabo ababebulewe enhlokomuzi iShushani, wethulelwa inkosi,
AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango.
Induna yenkulungwane yayibamba ngesandla, yathi ukugudluka nayo, yayisiyibuza sebebodwa, yathi: “Kuyini ofuna ukungibikela khona na?”