Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Inkosi yayisithi ku-Esteri inkosikazi: “AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Inkosi yathi ku-Esteri indlovukazi: “AmaJuda abulala, achitha abantu abangamakhulu ayisihlanu esigodlweni sikaSusani kanye namadodana ayishumi kaHamani; benzani kwezinye izifunda zenkosi? manje siyini isicelo sakho? uyakunikwa; noma yisiphi isicelo sakho futhi? futhi kuyokwenzeka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:12
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yayisithi inkosi kuye: “Ukhala ngani, nkosikazi Esteri, na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.”


Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”


Inkosi yabuye yathi ku-Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini: “Isicelo sakho siyini, nkosikazi Esteri, na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”


Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi.


AbaJuda ababe seShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka