Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 9:13 - IsiZulu 2020

13 U-Esteri waphendula, wathi: “Uma kukuhle enkosini mayigunyaze abaJuda abahlala eShushani, benze nakusasa njengokomthetho wanamuhla, amadodana kaHamani alishumi aphanyekwe ezigxotsheni zokuphanyeka.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wayesethi u-Esteri: “Uma inkosi ithanda, mawanikwe abaJuda abaseShushani ukuba benze nakusasa njengomthetho wanamuhla, namadodana ayishumi kaHamani alengiswe esigxotsheni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 9:13
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.


Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,


Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


AbaJuda bahlala eShushani, babuye bahlangana nangosuku lweshumi nane lwenyanga u-Adari, babulala amadoda angama-300 eShushani, kodwa abazange bathathe mpango.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka