Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 7:3 - IsiZulu 2020

Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Indlovukazi u-Esteri yasiphendula yathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, futhi uma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngokucela kwami nakubantu bami ngokucela kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 7:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izinceku zakhe zathi kuye: “Sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sibhince indwangu eyisaka okhalo lwethu nezintambo emakhanda ethu, siphume siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


Yabuye yathumela induna yesithathu yabangama-50 inama-50 ayo. Yakhuphuka leyo nduna yesithathu, yafike yaguqa phambi kuka-Eliya, yamncenga, yathi: “Muntu kaNkulunkulu ngiyakunxusa, ukuphila kwami nokwalezi zinceku zakho ezingama-50 makube yigugu emehlweni akho.


UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.


uma ngingathola umusa kuwe nkosi, ungenzele engikucelayo nengikunxusayo, makuthi inkosi noHamani beze kusasa edilini engizobe ngibalungisele lona, ngizobe sengenza njengokusho kwenkosi.”


Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Uma nje ungathinta inyama yakhe uyobona. Konke umuntu anakho angakunikela ukuze asindise ukuphila kwakhe.


uyothi kubo: ‘Ngizinxusele enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”