Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Indlovukazi u-Esteri yaphendula, yathi: “Uma ngifumene umusa kuwe nkosi, futhi kukuhle kuwe, mangibuyiselwe ukuphila kwami nokwabantu bakithi, yileso isicelo sami, yilokho engikucelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Indlovukazi u-Esteri yasiphendula yathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, futhi uma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngokucela kwami nakubantu bami ngokucela kwami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 7:3
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu, siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisihlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka-Eliya, yamnxusa, yathi kuye: “We muntu kaNkulunkulu, ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.


Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.


Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”


Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.


Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;


USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.


uyakuthi kubo: ‘Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka