Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
Esteri 3:7 - IsiZulu 2020 Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani imihla ngemihla izinyanga ngezinyanga, kwaze kwaba ngeyeshumi nambili eyinyanga ka-Adari. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari. |
Ngesikhathi sokubusa kuka-Ahasheveroshi, esaqala nje ukubusa, izitha zabhala incwadi zimangalela izakhamuzi zakwaJuda naseJerusalema.
Zaqeda ukukwakha indlu ngosuku lwesithathu lwenyanga u-Adari, ngonyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.
Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo.
kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.
Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo.
Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke.
AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.