UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
EkaJakobe 1:16 - IsiZulu 2020 Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningadukiswa, bazalwane bami abathandekayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ningaduki, bazalwane bami abathandekayo. |
UJesu waphendula, wathi kubo: “Nidukile, aniyazi imibhalo namandla kaNkulunkulu.
UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?
Kwathi ngaleyo mihla, uPhethro wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasibuthene lapho kwakungathi yi-120, wathi:
Kanti anazi yini ukuthi ababi abayukulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, abalalanayo benobulili obufanayo,
Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.
Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.
Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.
Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.
abaphambukileyo eqinisweni, bethi ukuvuka kwabafileyo sekwedlulile, futhi bachitha ukholo lwabanye.
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.
Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,
Bazalwane bami, ukukholwa yiNkosi yethu uJesu Khristu, iNkosi yenkazimulo, makungabi nokukhetha abantu.
Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?
Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima.
Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo.
Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli.
Ngaphezu kwakho konke bazalwane bami, ningafungi ngezulu noma ngomhlaba noma nganoma yini. Kepha uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo abe nguqhabo, ukuze ningehlulelwa.