Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 1:2 - IsiZulu 2020

2 Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 1:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.


Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa nangezinhlupheko, sazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukubekezela,


Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe,


Yebo, nakuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza nani nonke.


Nani-ke ngokunjalo thokozani, nithokoze kanye nami.


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Niyazi ukuthi babusisiwe labo ababekezelile. Nizwile ngokubekezela kukaJobe, futhi nibonile isiphetho esilethwe yiNkosi, ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka