Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 3:1 - IsiZulu 2020

1 Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 3:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.


“Umfundi akangaphezulu komfundisi wakhe, nenceku kayingaphezulu kwenkosi yayo.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.


AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”


Wayibiza wathi kuyo: ‘Yini le engiyizwayo ngawe na? Ngilandise ngobunceku bakho, ngokuba ngeke usaqhubeka ukuba yinduna.’


“Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awukwazi lokho na?


Kwakukhona ebandleni lase-Antiyokhiya abaphrofethi nabafundi: uBharnabha, uSimeyoni okuthiwa uNigeri, uLukhiyu waseKhurene, uManayeni umnawabo kaHerode, umThethrarkhi noSawula.


UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi.


Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.


NguYena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaphrofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,


befuna ukuba ngabafundisi bomthetho, nakuba bengakuqondi abakushoyo nalokho abakugcizelela ngeqholo.


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


Ngamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, umphostoli, nomfundisi,


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Bazalwane bami abathandekayo, ningadukiswa.


Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.


Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo.


Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka