Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
AmaHubo 9:19 - IsiZulu 2020 Vuka, Simakade! Ungavumi ukuqonelwa ngabantu. Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Vuka, Jehova; ungavumeli umuntu akhungatheke; abezizwe makwahlulwe phambi kwamehlo enu. |
Yayisithi kuye: “Awusezukubizwa ngokuthi unguJakobe, usuzobizwa ngokuthi ungu-Israyeli, ngokuba ulwe noNkulunkulu nabantu, wanqoba.”
U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”
Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni.
Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.
Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!
Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho.
phambi kuka-Efrayimi, noBhenjamini noManase, vusa amandla akho, uze usisindise.
Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?
Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.
“Mabazivuse izizwe, mazikhuphukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngiyakuhlala lapho ngehlulele zonke izizwe ezilapho nxazonke.
“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”
Uma umndeni waseGibhithe ungayukukhuphuka kulokho kukhuphuka, ubhubhane luyakwehlela kuwo, lolo uSimakade ashaya ngalo izizwe ezingakhuphukanga ukuyogubha uMkhosi Wamadokodo.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.