Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 10:12 - IsiZulu 2020

12 Simakade Nkulunkulu, yima ngomumo! Bonakalisa amandla akho, ungamkhohlwa osekuhluphekeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho, ungakhohlwa abahluphekileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Vuka, Jehova; O Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho; ningabakhohlwa abathobekileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 10:12
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na?


Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


Bonakalisa uthando lwakho olungapheliyo, Wena osindisa ngesokunene sakho abaphephela kuwe kulabo ababavukelayo.


Vuka, Simakade, ngisindise Nkulunkulu wami. Uzishayile zonke izitha zami emihlathini; wawawohloza amazinyo ezonakali.


Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!


Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni; ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho.


Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?”


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Yiba nesihawu kimi, Simakade. Bona ukuhlupheka kwami abangilethela khona abangizondayo. Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa,


Vuka, Simakade! Ungavumi ukuqonelwa ngabantu. Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho.


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


“Manje sengizovuka” kusho uSimakade; “manje sengizophakanyiswa, sengizophakanyiswa impela.


Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho, ziqedwe nya zonke izitha zakho.


USamsoni wanxusa uSimakade, wathi: “Nkosi Simakade, ngiyakucela, ngikhumbule, ngiqinise kube kanye, Nkulunkulu, ukuze ngiziphindisele kumaFilisti ngempindiselo eyodwa nje ngenxa yamehlo ami omabili.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka