Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 83:4 - IsiZulu 2020

Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bathi: “Wozani, sibaqothule, babe yisizwe; ukuze igama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 83:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”


Zathi enhliziyweni yazo: “Masibabhubhise kanyekanye;” zazishisa zonke izindlu zikaNkulunkulu zokuhlanganela.


Masibaphathe ngesihluku, ngaphandle kwalokho bazokwanda kakhulu, bese kuthi uma kusuka impi bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, qede bahambe kuleli lizwe.”


Masibagwinye bezwa okwendawo yakwalasha, sibaphonse egodini bephila.


Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


“Uma lokhu okumisiwe kungasuka ebusweni bami, yilapho-ke abozalo luka-Israyeli beyakuphela, bangabe besaba yisizwe phambi kwami zonke izinsuku,” kusho uSimakade.


Udumo lukaMowabi luphelile; iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi: wozani sisiqede nya lesi sizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa; inkemba iyakukuxosha.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


Kodwa ukuze lokhu kungandi phakathi kwabantu, masibadonse ngendlebe, ukuthi bangalokothi baliphathe lelo gama kunoma ngubani.”


ahlangana ndawonye aba yimbumba efuna ukuhlasela uJoshuwa no-Israyeli.