Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 1:10 - IsiZulu 2020

10 Masibaphathe ngesihluku, ngaphandle kwalokho bazokwanda kakhulu, bese kuthi uma kusuka impi bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, qede bahambe kuleli lizwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 masizihlakaniphele maqondana nabo, funa bande, kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wozani sibaphathe ngokuhlakanipha; ukuze bangande, futhi uma kuqubuka noma iyiphi impi, nabo bazihlanganisa nezitha zethu futhi balwe nathi futhi kanjalo bahoxe ezweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 1:10
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.


Ngokuqhosha, ababi bahlupha abampofu. Mababanjwe emacebeni abawacebileyo.


Wayiguqula inhliziyo yabantu baseGibhithe, babazonda abantu bakhe, baziphatha ngobuqili izinceku zakhe.


uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!


Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”


Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula.


Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili.


Abakhuzi bempi yamaFilisti bamthukuthelela, bathi kuye: “Mbuyisele emuva lowo muntu, makabuyele endaweni yakhe ombeke kuyo, angehli nathi aye empini, funa abe yisitha sethu empini. Yini lo angazincengela ngayo enkosini yakhe uma engezincengele ngamakhanda alawo madoda na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka