Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 48:2 - IsiZulu 2020

2 Udumo lukaMowabi luphelile; iHeshibhoni bacebe okubi ngalo, bathi: wozani sisiqede nya lesi sizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa; inkemba iyakukuxosha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Udumo lukaMowabi alusekho; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi: Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa, inkemba ikulandele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Akusayikuba khona ukudunyiswa kwaMowabi; eHeshiboni bacebe okubi ngaye; wozani silinqume esizweni. Futhi uyakunqunywa, Madmen; inkemba iyakukusukela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 48:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isiphrofetho ngoMowabi. Impela ngabusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, labhujiswa. Impela ngabusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lachithwa.


Inhliziyo yami ikhalela abakwaMowabi; ababalekileyo bakhona babalekela eZowari nase-Egila shelishiya; bakhuphukela eLuhithe bekhala, nasendleleni eya eHoronayimi bayadazuluka.


Manje uthi: “Eminyakeni emithathu, njengeminyaka yomqashwa, udumo lukaMowabi luzobukelwa phansi, ngisho noma enesixuku esikhulu; insali iyokuba yingcosana, futhi ingabi namandla.”


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Ngokuba washo kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lentukuthelo esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.


Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaSimakade, ngaziphuzisa zonke izizwe uSimakade angithume kuzo:


“Uma lokhu okumisiwe kungasuka ebusweni bami, yilapho-ke abozalo luka-Israyeli beyakuphela, bangabe besaba yisizwe phambi kwami zonke izinsuku,” kusho uSimakade.


“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.


Ungesabi wena nceku yami, Jakobe,” kusho uSimakade, “ngokuba nginawe; ngiyakuqeda ngokuphelele zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.”


Nina nonke enimzungezile, mkhaleleni; nani nonke enazi igama lakhe, yishoni nithi: ‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla, udondolo oluhle!’


UMowabi uyobhujiswa, angabe esaba yisizwe, ngokuba uzikhukhumezile kuSimakade.


“Ababalekileyo bayokuma emthunzini waseHeshibhoni, bekhathele, ngokuba umlilo uyakuqubuka eHeshibhoni, nelangabi eSihoni, ungqongqise ibunzi likaMowabi, nokhakhayi lwabantu abanomsindo.


“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.


Ngiyakuyivithiza i-Elamu phambi kwezitha zalo, naphambi kwalabo abafuna ukuphila kwabo; ngibehlisele inhlekelele, nentukuthelo yami evuthayo,” kusho uSimakade. “Ngiyothumela emva kwabo inkemba, ngize ngibaqothule baphele nya.


Abozalo kukaRubeni bakha kabusha iHeshibhoni, i-Elehale, iKiriyathayimi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka