Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 48:1 - IsiZulu 2020

1 Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 NgoMowabi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Wo kulo iNebo, ngokuba lichithekile, iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe; iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 NgoMowabi usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye kulo iNebo! ngoba lonakele; IKiriyatayimi laba namahloni, lathathwa; UMisgabi unamahloni futhi uthukile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 48:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,


Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje.


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


Izinqaba eziphakemeyo ezingangeni zakhe ziyobhidlizwa, ziyakuwiselwa phansi zidicilelwe emhlabathini, ngisho othulini imbala.


“Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.


nabakwa-Edomi, nabakwaMowabi, nabakwa-Amoni,


ukuthumele enkosini yakwa-Edomi, kweyakwaMowabi, enkosini nakubantu bakwa-Amoni, kweyaseThire neyaseSidoni, ngesandla sezithunywa ezifike eJerusalema kuZedekiya, inkosi yakwaJuda.


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,


Basuka e-Alimoni Dibhilathayimi, bakanisa ezintabeni i-Abharimi, phambi kweNebho.


iKiriyathayimi, iSibhima, iZerethi Shahari egqumeni lesigodi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka