Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
AmaHubo 71:18 - IsiZulu 2020 Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo. |
Kwathi lapho u-Isaka esegugile, namehlo akhe esefiphele, engasaboni kahle, wabiza indodana yakhe endala, wathi: “Ndodana yami!” Yathi kuye: “Ngilapha.”
Bayokuza bamemezele ngokulunga kwayo kubantu abasazozalwa, babatshele ukuthi lokho kwenziwa yiyo.
ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.
Asiyukubafihlela zona abantwana babo, kodwa siyotshela izizukulwane izibongo zikaSimakade, amandla akhe nemisebenzi emangalisayo ayenzileyo.
ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo.
Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”
Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?
“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola.
Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.