Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 71:19 - IsiZulu 2020

19 Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 71:19
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.


Ngokuba umusa wakho mkhulu, kuze kube sezulwini, nokwethembeka kwakho, kuze kube semafini.


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Indlela yokuphila imholela kweliphezulu ohlakaniphileyo, ukuba angayi endaweni yabafileyo.


Ukuhlakanipha kuphakeme kakhulu esiwuleni, sona asiwuvuli umlomo waso esangweni.


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele.


uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.


“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.


Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu: igama lakhe lingcwele.


‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka