Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 4:18 - IsiZulu 2020

18 Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Esekhulume ngomphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni esingasesangweni, yaphuka intamo, wafa, ngokuba wayeyindoda endala enzima. Futhi wahola u-Israyeli iminyaka engamashumi amane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 4:18
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Wehlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engama-20.


Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.


Owayelethe umbiko waphendula, wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti futhi kubulawe abantu abaningi. Kufe namadodana akho omabili, uHofini noFinehasi, umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”


Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka