Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:4 - IsiZulu 2020

4 Asiyukubafihlela zona abantwana babo, kodwa siyotshela izizukulwane izibongo zikaSimakade, amandla akhe nemisebenzi emangalisayo ayenzileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngeke sikufihlele abantwana babo, futhi esizukulwaneni esizayo siyomemezela izindumiso zikaJehova namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:4
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

lokho okwakhulunywa yizihlakaniphi ezingakufihlanga kokhokho bazo,


ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Kuyothi lapho abantwana benu benibuza, bethi: ‘Kuchazani ukugujwa kwalo mkhosi na?’


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.


Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu bakutshele abantwana babo, nabantwana babo bakutshele esinye isizukulwane.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka