Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 78:5 - IsiZulu 2020

5 Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 78:5
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade.


Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:


Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama badumisa.


Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona.


Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla; oyise bayabazisa abantwana ngokuthembeka kwakho.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Yebo, kukhona abedlula ngakho ngezindlela eziningi. Okokuqala ngukuthi yibo abaphathiswa amazwi kaNkulunkulu.


Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


nokuthi abantwana babo abangawaziyo bawuzwe, bafunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wenu ngazo zonke izinsuku nihleli ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle.”


wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.


yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,


Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka