AmaHubo 34:21 - IsiZulu 2020 Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. Contemporary Zulu Bible 2024 Ububi buyakumbulala omubi, nabazonda olungileyo bayakuba yihlane. |
Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafathi: “Kusekhona umuntu oyedwa esingabuza kuSimakade ngaye kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kodwa okubi; nguMikhaya, indodana kaJimila.” UJehoshafathi wathi: “Inkosi mayingakusho lokho.”
Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.
“Liyodlelwa endlini eyodwa, aniyukukhiphela lutho oluyinyama yaleso silwane phandle, futhi aniyukwephula ngisho nelilodwa ithambo laso.
Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.
ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.
Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.
“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’
Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”
Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.
Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo,
Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.