Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 20:7 - IsiZulu 2020

7 Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 20:7
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Isaka wathi endodaneni yakhe: “Kwenzeke kanjani uyithole ngokushesha okungaka ndodana na?” UJakobe wathi: “USimakade uNkulunkulu wakho ungiphe impumelelo ngasheshe ngayithola.”


“Ngakho-ke ungamyeki engajezile, wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyokwazi okufanele ukwenze kuye ukuze uyehlisele impunga endaweni yabafileyo inegazi.”


Kepha uGehazi, inceku ka-Elisha, umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani, lo wase-Aramu, ngokungemukeli ezandleni zakhe akulethayo; ngifunga ngiyagomela kuSimakade, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe noma yini kuye.”


Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Kepha niphendukile futhi nalihlambalaza igama lami, kwaba yilowo nalowo wabuyisa isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe enanizikhululile ngokufisa kwazo ukuba zihambe, seniphinde nazibuyisa ukuba nizicindezele futhi zibe yizigqila nezigqilakazi zenu.


Uyakufunga ngeqiniso, ngobulungiswa, nangokulunga, uthi: ‘Ngifunga phambi kukaSimakade,’ izizwe ziyakuzibusisa ngaye, zizishaye isifuba ngaye.”


“ ‘ “Ngiyakukwenza ukuba igama lami elingcwele laziwe phakathi kwabantu bami, u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, oNgcwele kwa-Israyeli.


“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi nganginiphephisa ngokuba ngingaphindi ngize eKhorinte,


Uyomesaba uSimakade uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“Mesabe uSimakade uNkulunkulu wakho; umkhonze Yena, ufunge igama lakhe.


Ngaphezu kwakho konke bazalwane bami, ningafungi ngezulu noma ngomhlaba noma nganoma yini. Kepha uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo abe nguqhabo, ukuze ningehlulelwa.


Manje-ke lokhu nginiphathe kahle, fungani kimi ngoSimakade ukuthi nani niyakubenzela umusa abendlu kababa; nginikeni uphawu oluzakuba yisiqiniseko sokuthi nizokwethembeka,


Amadoda athi kuye: “Asiyukubophezeleka kulesi sifungo osenzise sona,


Yilokhu esizokwenza kubo: sizobayeka baphile ukuze singehlelwa wulaka ngenxa yesifungo esisenze kubo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka