Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.
AmaHubo 23:4 - IsiZulu 2020 Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, noma ngidlula esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami; Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. |
Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.
Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.
USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.
Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.
Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.
Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’
Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.
Ngathatha-ke induku yami uMusa, ngayinqamula, ukuze ngiqede isivumelwano engangisenze nazo zonke izizwe.
Ngayinqamula nentonga yami yesibili, uBunye, ukuze ngiqede ubuhlobo phakathi kukaJuda no-Israyeli.
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”
“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”