Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 23:3 - IsiZulu 2020

3 Uvuselela umphefumulo wami. Ungiholela ezindleleni zokulunga, ngenxa yeGama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyawuvuselela umphefumulo wami, uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 23:3
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini, akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Kepha Wena Simakade, Nkosi yami, ngiphathe ngomusa ngenxa yegama lakho, njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.


Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


Impela Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyangihola, ungiqondise.


Ngikhiphe ogibeni abangicuphe ngalo, ngokuba Wena uyisiphephelo sami.


Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.


Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo.


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho, usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.


Ngikufundisile indlela yokuhlakanipha, ngakuhola emikhondweni yobuqotho.


Ngihamba endleleni yokulunga, emikhondweni yobulungiswa,


Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.


Ngokuba ngizobahlumelelisa abadangeleyo, ngibaqinise abaphelelwa ngamandla.”


Bheka, ngiyakubabuyisa enyakatho, ngibaqoqe emikhawulweni yomhlaba; phakathi kwabo kukhona izimpumputhe, izinyonga, abakhulelwe, nabatetayo, bonke bayakubuya kanyekanye, beyibandla elikhulu.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka