Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 118:6 - IsiZulu 2020

6 USimakade ungakimi, angiyukwesaba, umuntu angangenzani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova ungakimi; angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 118:6
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


KuNkulunkulu, engiyakulidumisa izwi lakhe, kuSimakade, engiyakulidumisa izwi lakhe.


Ithemba lami likuNkulunkulu, angiyukwesaba. Umuntu angangenzani na?


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe, kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?


Usuku lonke bahlanekezela amazwi ami. Yonke imicabango yabo ihlose ukungilimaza.


Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.


Ngubani oyakungimela phambi kwababi na? Ngubani oyakungelekelela kwabenza okubi na?


“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?


Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla, ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka, abayukungehlula; bayakuba namahloni amakhulu, ngokuba abayukuphumelela, nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka