AmaHubo 17:1 - IsiZulu 2020 Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yizwa ukulunga, Jehova, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe emkhulekweni wami ophuma ezindebeni ezingenankohliso. Contemporary Zulu Bible 2024 (Umkhuleko kaDavide.) Zwana, Jehova, mahluleli, uzwe ukukhala kwami, uzwe umkhuleko wami ongaphumi ezindebeni ezikhohlisayo. |
Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.
Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.
Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.
Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.
Kulalele ukukhala kwami, ngokuba ngicindezeleke kakhulu, ungihlenge kwabangizingelayo, ngoba banamandla kunami.
Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe yakho ekunxuseni kwami. ungiphendule ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho.
USimakade ungiklomelisile, ngoba ngenza intando yakhe, ungenzele okuhle, ngoba ngimsulwa.
Banele ukungizwa nje, bangilalela; abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami.
Ngahlulele Nkulunkulu, umele indaba yami kubantu abangethembekile, ungikhulule konenkohliso nongalungile.
Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe.
Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.
Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.
Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami nangobuqotho bami.
Umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,
Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.
UJesu wambona uNathaniyeli eza kuye, wakhuluma ngaye wathi: “Nangu-ke umIsrayeli woqobo, ongenankohliso.”
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi sokuma phambi kukaNkulunkulu,