Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 61:2 - IsiZulu 2020

2 Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakukhuleka kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba, lapho inhliziyo yami isidangale; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 61:2
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho umphefumulo wami udangala, Wena uyayazi indlela yami, endleleni engihamba ngayo, bangithukusele ugibe.


Umoya wami udikibele, inhliziyo yami idangele.


Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.


Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.


USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.


Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.


Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele ngaphakathi kimi; ngizokukhumbula eJordani naseHermoni nasentabeni iMizari.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.


Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba.


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


Ngikhumbula uNkulunkulu, ngibubule; ngiyazindla, umoya wami udangele. Sela


Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.


“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe, ongaduduzwanga, bheka, ngizokufaka amatshe esiliva, izisekelo zakho zibe ngamasafire.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Niyomfuna uSimakade uNkulunkulu wenu nilapho, nimfumane. Niyakumfuna ngenhliziyo yenu yonke nangawo wonke umphefumulo wenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka