Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.
AmaHubo 146:8 - IsiZulu 2020 USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone; uJehova uyavusa abathotshisiweyo; uJehova uyathanda abalungileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo. |
Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.
Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.
Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.
Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.”
Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu.
ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”
esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,
Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.