Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:3 - IsiZulu 2020

3 Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; baholelwe ngasezinyaweni zakho, bayakwemukela okwamazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yebo, wayebathanda abantu; bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho, bahlala ngasezinyaweni zakho; wonke umuntu uyakwamukela emazwini akho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:3
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.


Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela


“Buthelani kimi abathembekileyo bami, abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”


Ndodana yami, uma ulalela amazwi ami, ugcine imithetho yami,


Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


wathi: “Izazimthetho nabaFarisi bahleli esihlalweni sikaMose.


Wayenodadewabo okuthiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walalela izwi layo.


Kuthe sekwedlule izinsuku ezintathu, bamfumana ethempelini, ehleli phakathi kwabafundisi, ebalalele, futhi ebabuza.


Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba.


“Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu,


“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka