Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 11:7 - IsiZulu 2020

7 Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba uJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba uJehova olungileyo uthanda ukulunga; abaqotho bayabubona ubuso bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 11:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.


USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.


Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.


Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.


Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,


Uthanda ukulunga nobulungiswa, umhlaba ugcwele umusa kaSimakade.


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Uthanda ukulunga, uzonde ububi. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ekugcobe ngamafutha entokozo ngaphezulu kwabangani bakho.


Zonke izingubo zakho ziqholwe ngemure nenhlaba nekhasiya. Imiqangala evela ezigodlweni zophondo lwendlovu iyakwethabisa.


Simakade, Wena uyambusisa olungileyo; umhaqa ngomusa njengesihlangu.


UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo, noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke.


Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Indlela yezikhohlakali iyisinengiso kuSimakade, kepha uyamthanda olandela ukulunga.


“Mina Simakade ngithanda ubulungiswa, ngiyakuzonda ukuphanga nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze nabo isivumelwano esiphakade.


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba semabunzini azo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka