Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 11:5 - IsiZulu 2020

5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 11:5
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengokusho komuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo.


Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade.


USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na?


Ngalolo lusuku izithulu ziyowezwa amazwi encwadi, amehlo ezimpumputhe ayobona ebumnyameni obuyisigayegaye.


Abathobekileyo bayofumana kabusha intokozo kuSimakade, nabantulayo phakathi kwabantu bayojabulela oNgcwele ka-Israyeli.


Lethani abantu abayizimpumputhe bebe benamehlo, nabayizithulu bebe benezindlebe.


Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, ngakho-ke konke lokhu kwavela ngezwi lami,” kusho uSimakade. “Ngiyakubheka kulowo othobekile, nodabukileyo emoyeni, othuthumelayo ngenxa yezwi lami.


Ngakho-ke ngazelusa izimvu zokuhlatshwa, lezo ezazihluphekile. Ngazithathela Mina izintonga ezimbili: enye ngayibiza ngokuthi uMusa, enye ngayibiza ngokuthi uBunye, ngase ngiwelusa umhlambi.


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane ngalokho enikuzwileyo nenikubonileyo:


UJesu wayesethi kulowo muntu oshwabene isandla: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, saphila, safana nesinye.


Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa.


“Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Ayesevuleka amehlo azo. UJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba lokhu kungaziwa muntu.”


Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”


UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.”


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo,


UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yiyona efakaza ngami,


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani-ke yimisebenzi, ukuze nazi futhi niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.”


Kwathi uJesu eseJerusalema ngoMkhosi wePhasika, abaningi bakholwa egameni lakhe lapho bebona izibonakaliso azenzayo.


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


“Kepha nginobufakazi obedlula obukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, le misebenzi engiyenzayo, iyafakaza ngami ukuthi nguBaba ongithumileyo;


wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona.


“Madoda akwa-Israyeli, lalelani lawa mazwi: uJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla, ngezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phambi kwenu, njengalokhu nani luqobo nazi,


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka