Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
AmaHubo 141:1 - IsiZulu 2020 Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Ihubo likaDavide. Jehova, ngikhala kuwe; sheshani emva kwami; lalela izwi lami lapho ngikhala kuwe. |
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe yakho ekunxuseni kwami. ungiphendule ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho.
Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.
Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.
Abazingela umphefumulo wami mabathelwe ngehlazo, bahlazeke. Nalabo abafuna ukungenzakalisa, mababuyiselwe emuva bejabhisiwe.
Kepha mina ngimpofu futhi ngiyantula, phuthuma ungisize, Nkulunkulu! Ulusizo lwami nomkhululi wami. Simakade, ungalibali.