Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 28:2 - IsiZulu 2020

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, nxa ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yizwa izwi lokunxusa kwami, lapho ngikhala kuwe, lapho ngiphakamisela izandla zami endlini yakho engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 28:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Walungisa igumbi eliphakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaSimakade.


Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke, ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;


bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


USolomoni wayakhe ibhesituli lethusi, walibeka phakathi negceke: ubude balo bungamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi bona bungamakhubhithi amathathu. Wema kulo, waguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli. Welulela izandla zakhe ngasezulwini,


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami.


Phakamiselani izandla zenu ngasendaweni engcwele, nibonge uSimakade.


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho.


Ngathi kuSimakade: “Wena, unguNkulunkulu wami.” Simakade, yizwa izwi lokunxusa kwami.


Simakade, ngikhala kuwe, phuthuma uze kimi, lalela izwi lami lapho ngikhuleka kuwe.


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


Yingakho ngizokubonga, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho.


Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Ayesebuthana lawo madoda, amthola uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka