AmaHubo 137:2 - IsiZulu 2020 Amahabhu ethu sawaphanyeka eminyezaneni eyayilapho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amahabhu* ethu sawaphanyeka eminyezaneni ephakathi kwalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izintambo zethu sazilengisa emizaneni phakathi kwawo. |
Ukuzijabulisa ngokhehlegume akusekho, ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile, nenjabulo yehabhu inqamukile.
Ngiyakuwuqeda umsindo wezingoma zakho, nokunkeneneza kwamahabhu akho akuseyukuzwakala nanini.
“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”
Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe,