Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 137:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba ababesithumbile bacela ukuba sihlabelele ihubo, nabahluphi bethu bafuna ukujatshuliswa, bethi: “Sihlabeleleleni amanye amahubo aseZiyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba abasithumbileyo bacela ukuba sihlabelele igama, nabahluphi bethu bafuna injabulo, bethi: “Sihlabeleleni elinye lamagama aseSiyoni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba lapho abasithumbileyo basibiza ihubo; nabasichithayo bafuna intokozo yethu, bathi: Sihlabeleleni elinye lamahubo aseZiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 137:3
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo, njengabo bonke abaLevi ababethwele umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya umholi wabahlabeleli. UDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.


Ngalolo lusuku uDavide waqala ukuhlela ukuba uSimakade abongwe, kuhola u-Asafa nabafowabo.


Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”


Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe.


Nkulunkulu, abezizwe bahlasele ifa lakho, bangcolisa ithempeli lakho elingcwele, iJerusalema baliphendula incithakalo.


Usenze into omakhelwane bethu ababangisana ngayo, izitha zethu zisihleka usulu.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Ohubela inhliziyo edangeleyo izihlabelelo, unjengokhumula ibhantshi ngosuku kumakhaza, nanjengothela uviniga esilondeni.


Abahlengiweyo bakaSimakade bayakubuya baye eZiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


“Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka