Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 137:1 - IsiZulu 2020

1 Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 137:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


Kwakulusuku lwe-12, ngenyanga yokuqala, ngesikhathi sisuka emfuleni i-Ahava silibhekise eJerusalema. UNkulunkulu wethu wayenathi, esivikela ezitheni ezazisihlasela nezazisilalela unyendle endleleni.


Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


“Thokozani neJerusalema, nethabe nalo nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo, nina nonke enilililelayo,


“Thatha indwangu yasokhalo oyithengile, esokhalo lwakho, usuke uhambe, uye ePheratha, uyifihle lapho emfantwini wedwala.”


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, futhi angizange ngithokoze; ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima besandla sakho, ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.


Wena ohlala ngasemanzini amaningi, nonengcebo eningi; isiphetho sakho sesifikile, isikhathi sokunqanyulwa kwempilo yakho njengomucu.


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


“Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.”


Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.


Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.


Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.


Kwathi ngonyaka wama-30, ngenyanga yesine, ngosuku lwesihlanu lwayo, nginabathunjwa ngasemfuleni iKhebhari, izulu lavuleka, ngabona imibono kaNkulunkulu.


kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.


Ngafika ngaseTheli Avivi, kubathunjwa ababehlala ngasemfuleni iKhebhari. Ngahlala phakathi kwabo, ngahlala izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ngakhuleka, nganxusa ngokuzila ukudla, nangendwangu eyisaka, nangomlotha.


Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka