Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 137:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngasemifuleni eBhabhele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iZiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngasemifuleni yaseBabele lapho sahlala khona, yebo, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 137:1
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.


Sase sisuka emfuleni i-Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.


Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


“Thokozani kanye neJerusalema, nilethabele nina nonke enilithandayo; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,


“Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.”


Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, angithokozanga; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.


Wena ohlala ngasemanzini amakhulu, nonengcebo eningi, sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazehle njengemifula imini nobusuku. Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.


Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Iso lami lenza umphefumulo wami ube buhlungu ngenxa yawo onke amadodakazi omuzi wakithi.


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.


izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.


Ngafika kubathunjwa ngaseTheli Abibi ababehlezi ngasemfuleni iKhebari, lapho babehlala khona; ngahlala khona phakathi kwabo izinsuku eziyisikhombisa ngimangele.


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka