Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.
AmaHubo 120:1 - IsiZulu 2020 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula. Contemporary Zulu Bible 2024 Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso, nasolimini lwenkohliso (Ihubo.) Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, wangizwa. |
Ungangifihleli ubuso bakho ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engikumemeza ngalo, usheshe ungiphendule.
Osizini lwami ngakhuleka kuSimakade, uSimakade wangiphendula, wangihola endaweni ebanzi.
Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.
Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.
Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.
Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.
Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.
Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.
Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi uHana wakhulelwa, wazibula ngendondana, wayiqamba igama wathi nguSamuweli, ethi: “Ngimcelile kuSimakade.”
Lo mntwana ngamkhulekela kuSimakade ukuba angiphe yena; uSimakade unginikile lokho engangikucele kuye;