Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 123:1 - IsiZulu 2020

1 Ngizowaphakamisela kuwe amehlo ami, Wena ohleli ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiyaphakamisela kuwe amehlo ami, wena ohlezi ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 (Ingoma yeziqu.) Ngiphakamisela kuWe amehlo, Wena ohlezi ezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 123:1
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bekule ndawo, kuzwe usendaweni yakho ohlala kuyo ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni, usizo lwami luyakuvelaphi na?


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni.


Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.


Khumbula Simakade, ngenxa kaDavide, zonke izinhlupheko zakhe.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Bhekani, bongani uSimakade nina nonke zinceku zakhe, enimi endlini kaSimakade ebusuku.


Amehlo ami akuwe Simakade, Nkosi yami, mina ngiphephela kuwe, uze ungangishiyi ngingenamvikeli.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.


Amehlo ami ahlala ethe njo kuSimakade, ngokuba nguye okhulula izinyawo zami ogibeni.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka