Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 18:6 - IsiZulu 2020

6 Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 18:6
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uSimakade, ngambiza uNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe. Ukukhala kwami kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


Kwase kusukuma abaphristi nabaLevi babusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni kaSimakade engcwele, ezulwini.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”


Ngakho-ke uPhethro wagqunywa ejele. Ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka