Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 131:1 - IsiZulu 2020

1 Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IsiHlabelelo sikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayiphakamile, namehlo ami awaphakeme; futhi angizivivinyi ezindabeni ezinkulu noma ezintweni eziphakeme kakhulu kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 131:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyokwedeleleka, kodwa okukhulu ngiyakuzithoba emehlweni ami, kepha izincekukazi okhulume ngazo ziyongihlonipha.”


Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi na? Ngikukhulumile lokho engingakuqondiyo, izinto ezinkulu kunami engingazaziyo.


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaSimakade.”


Uma uSimakade ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli.


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Amehlo aziqhenyayo, inhliziyo eqhoshayo, nentokozo yezikhohlakali, kuyisono.


Kepha angiyekanga ukuba ngumelusi okusebenzelayo, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; Wena uyakwazi engakushoyo, ngiphambi kobuso bakho.


Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”


Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula.


Ngikhonza iNkosi ngokuthobeka okukhulu, ngezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngenxa yamacebo abaJuda.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”


Nina kanye noNkulunkulu ningofakazi bokuthi sahlala kanjani nani, nina enikholwayo ngobungcwele, ngobuqotho nangokungasoleki.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Kwaphendula enye yezinsizwa, yathi: “Ngiyibonile mina indodana kaJese waseBhethlehema, ekwaziyo ukubetha ihabhu; iyiqhawe elinamandla, indoda yempi, iliciko lokukhuluma, iyabukeka; uSimakade unayo.”


USawule wathumela kuJese, wathi: “Mvumele uDavide abe yisikhonzi sami, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


UDavide wasuka kuSawule, wabuyela ekwaluseni izimvu zikayise eBhethlehema.


Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula yini emehlweni enu ukuba ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelekileyo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka