Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 131:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 IsiHlabelelo sikaDavide. Jehova, inhliziyo yami ayiphakamile, namehlo ami awaphakeme; futhi angizivivinyi ezindabeni ezinkulu noma ezintweni eziphakeme kakhulu kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 131:1
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.”


Ngubani ositheza iziluleko engenakwazi na? Ngikhulumile lokho ngingakuqondanga, izimangaliso ezinkulu kunami ebengingazazi.


Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.


Ngajabula lapho bethi kimi: “Masiye endlini kaJehova.”


Uma uJehova ebengenathi, makasho njalo manje u-Israyeli,


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


Ukuzidla kwamehlo nokuziqhenya kwenhliziyo, isibani sababi, kuyisono.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.


ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.


inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.


Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.


Izinceku zikaSawule zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zikaDavide. UDavide wathi: “Kuyinto elula emehlweni enu ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi, lokhu ngingumuntu ompofu nodelelikileyo na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka