Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AmaHubo 118:7 - IsiZulu 2020

USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova unesabelo sami nabangisizayo; ngalokho ngiyakubona ukunxanela kwami abangizondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta



AmaHubo 118:7
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.


Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami. INkosi igcina umphefumulo wami.


Ngizonikela kuwe ngenkululeko, ngibonge igama lakho Simakade, ngokuba lihle.


Igama lakho lingikhulule kuzo zonke izinkathazo, iso lami lizibonile izitha zami zinqotshwa.


Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula, empini engibhekene nayo, ngokuba baningi abamelene nami.


UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.


Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.


Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, okubamba ngesandla sakho sokunene, athi kuwe: ungesabi, ngiyakusiza.