Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 59:11 - IsiZulu 2020

11 Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ungabulali, ukuze abantu bami bangakhohlwa; zihlakaze ngamandla akho; ubawise, Nkosi, sihlangu sethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 59:11
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.


izizukulwane zabo azisakaze phakathi kwabezizwe, abahlakazele emazweni.


USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.


Kepha uNkulunkulu uzokuqumba phansi kuze kube phakade; uzokubamba, akukhiphe ethendeni lakho, akusiphule nasezweni labaphilayo. Sela


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.


Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa.


Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni; abakulo, mabaphume baphele; abasemasimini, abangangeni kulo.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Ngaleyo mihla abantu bayakukufuna ukufa, kodwa bangakufumani; futhi bayakukufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.


Emveni kwalokho uDavide wazisola enhliziyweni yakhe, ngoba wayesike umphetho wengubo kaSawule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka