AmaHubo 112:8 - IsiZulu 2020 Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi. Contemporary Zulu Bible 2024 Inhliziyo yakhe iqinile, akesabi, aze abone ukulangazelela kwakhe izitha zakhe. |
USimakade ungakimi ekanye nabangisizayo, ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.
Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.
Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.
UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.
Iso lami liyakuzibona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngabenzi bokubi abangivukelayo.
Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali, kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.
Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.