Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 49:6 - IsiZulu 2020

6 labo abethembela engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Labo abathembela engcebweni yabo nasenkazimulweni yabo ngobuningi bengcebo yabo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 49:6
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


Akayesabi imibiko emibi, inhliziyo yakhe ayiguquki, yethemba uSimakade.


Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Usuku lonke bahlanekezela amazwi ami. Yonke imicabango yabo ihlose ukungilimaza.


Ungabavumeli baphunyule ngenxa yobubi babo, ngentukuthelo, qumba phansi izizwe, Nkulunkulu.


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ingcebo yocebileyo iyinqaba yakhe, kodwa ubuphofu babampofu bungukubhubha.


Othembele engcebeni yakhe uyakuwa, kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.


Usathi phayiphayi amehlo, akusekho, ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi, kwajubalalela emazulwini.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.”


Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.


Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka